Uhlangothi lokuHumusha nokuHlela lweNgosi kaZwelonke yeziLimi (uNLS) luhlukaniseke ngalezizigatshana zezilimi ezilandelayo: isiBhunu, isiNgisi, Izilimi zangaPhandle, IsiZulu, IsiXhosa, IsiNdebele, iSepedi, iSesotho, iSetswana, iSiSwati, iTshivenda, iXitsonga. Umbuso omusha ohambisana nokusetshenziswa kwezilimi ezehluka-hlukene eNingizimu Afrika, njengokuhambisana nesigaba 6 soMthetho-sisekelo, ubhekela ukuthi "uHulumeni kaZwelonke nawoHulumeni beziFunda, basebenzise noma iluphi ulimi olusemthethweni ngokwezinhloso zikahulumeni, konke lokho kubhekelela ukusetshenziswa, ukusebenziseka, izindleko, kanye nesimo sasezifundazweni kanye nokunye okukhethwa abahlali bonkana" Ngakho-ke kusemqoka kakhulu ukuthi kudaleke isimo sokuba iminyango kahulumeni ixhumane ngempumelelo, phakathi kokunye, namalungu omphakathi wonkana ngezilimi zawo eziyizilimi ezisemthethweni zaseNingizimu Afrika.
INgosi kaZwelonke yeziLimi (uNLS) isebenza njengohlaka olusekele ngokobuchwepheshe bezilimi kuhulumeni.
Nohlelo lokuthola ulwazi ngocingo.
Izinhlobo zemibhalo ehunyushwayo ikakhulukazi kuba yilezo ezibhekiswe kumphakathi, njengemibhalo emhlophe, imibhalo eluhlaza, imithetho-sivivinywa esahlongozwayo eshicilelwe umphakathi, izaziso zikahulumeni, izimiso-migomo, imibiko yonyaka yeminyango kahulumeni nezinye izinhlaka ezisemthethweni, imibiko yamakhomishani namakomidi ophenyo, izivumelwano zomhlaba, izinkulumo zikaMongameli, oNgqongqoshe, neziphathimandla ezisezikhundleni eziphakeme zikahulumeni, imibhalo yezinkontileka, amapheshana okwazisa nayizikhangisi, imininingwane yabezindaba, etc.
Uma ngabe umbhalo uzokuhunyushelwa ezilimini ezingaphezu kolulodwa, kuye kube yinto encomekayo ukuthi uhlelwe ungakahunyushwa ukuze kugcineke ingqikithi nomyalezo wawo. Kuye kube sekuqhathaniswa umbhalo ohunyushiwe nalo womdabu ukubhekisisa ukusetshenziswa nokubekeka kolimi kanye nokucophelela ekubhaleni nokuphelela kombhalo, kanjalo nokubhaleka ngokufanelekile kwemibhalo yomthetho, kanye nezaziso zikahulumeni, etc.
ImiNyango esebenza ngokuxhumana nohulumeni, izinhlangano, nabantu bakwamanye amazwe banikezwa insizakalo yeNgosi yeziLimi zangaPhandle, kanti isebenza ngemibhalo efana nezivumelwano zomhlaba, imibiko yophenyo loPhiko loMhlaba lwezamaPhoyisa uInterpol, izincwadi ezibhalwe ababaleki, etc.
Kuhlinzekwe uhlelo lwezingcingo ukuze kuxazululwe ngokushesha ubulukhuni bokusebenzisa ulimi, bokupela, nokulusebenzisa kulezo zilimi ezisemthethweni okunabasebenzi bomnyango abangongoti balezi zilimi ababhekana naleyo mibuzo. Lapho kunesidingo, kuyawukwenziwa ucwaningo. Kodwa ke, akukho uhumusho oluyokwenziwa ngocingo.
Uma kubonakala ukuthi umsebenzi okhona, ngenxa yokuthi uyaphuthuma futhi unomthamo omkhulu kanti nesikhathi ofuneka ngaso sesiseduze, ngeke ulinde ukwenziwa ongoti abasebenzela uMnyango weziLimi, uye udluliselwe ngaphandle ukuze wenzeke ngokushesha. Umthamo omningi womsebenzi woPhiko lweziLimi zangaPhandle uye udluliselwe kongoti bangaphandle njengoba amaxhama eNingizimu Afrika nezinye izizwe nje eya ngokwanda ngesivinini.
Ngokuhambisana nezingxenye zesigaba 3, 6 no 31 zoMthetho-Sisekelo, iziNgosi zokuhumusha nokuHlela zika NLS, zisiza uHulumeni ukuba agcine izibopho zakhe kubantu ngokoMthetho-sisekelo. Okuyiwona makhasimende amakhulu alomnyango wokuHumusha nokuHlela yiminyango kahulumeni nezinye izinhlaka ezisemthethweni ezinobudlelwano neminyango kahulumeni kazwelonke.
Ikhona ke iminyango kahulumeni enezingosi zayo zezilimi, futhi iyazihumushela, njengoMnyango wezokuQondiswa kweziGwegwe, owezokuVikela, kanye nowamaPhoyisa. Kodwa ke, u-NLS uyayisiza leminyango uma isisindwa umsebenzi, noma uma kudingakala ubuchwepheshe obuthize, kanjengoba uma kukhona imibhalo edinga ukuhunyushelwa kuzilimi zangaphandle noma isuswa ezilimini zangaphandle.
Ezinye izifundazwe zinezingosi zazo zezilimi, kodwa ziyasizwa nazo lapho kunesidingo sosizo luka NLS. U-NLS unokweluleka izifunda ngabahumushi abethembekile bezilimi ezithile ezingabasebenzisa.
Ukuze kusetshenzwe ngendlela ezokuba nomkhiqizo osezingeni noyimpumelelo, ihhovisi lezilimi kufanele libhekelwe izidingo zalo ukuze abahumushi nabahleli bagxile emisebenzini yabo ngesikhathi abasebenzi basehhovisi besiza ngokuyimisebenzi yasehhovisi lezilimi.
Umbhalo nombhalo ofikayo, ulandela umgudu futhi uhambe ngezigaba ezithize okungaba ezasehhovisi kanti ezinye kube eziphathelene nokuhumusha nokuhlela.
a. Umbhalo uyemukelwa eRegistry ebese ufakwa isigxivizo ekhasini elingaphandle esishoyo ukuthi wemukelwe ngaluphi usuku bese uyiswa kumqondisi waloloPhiko ukuze awucubungule athathe nesinqumo sokuthi kufanele yini usetshenzwe.
b. Uma umbhalo uzokuhunyushelwa ezilimini ezisemthethweni ezingaphezulu kolulodwa, laba ababhekele umsebenzi wasehhovisi benza amakhophi olimi ngolimi okucelwe ukuba uhunyushelwa kulo umbhalo.
c. Amakhophi ke abe eseyiswa kuzinhloko zalezo zingxenye zezilimi ezidingekayo kuhumusho lombhalo lowo.
d. Oyinhloko yalolo lulimi, uye awucubungule umbhalo, abhunge nabanye bese enquma noma umsebenzi uzokwenziwa ngaphakathi noma ngaphandle.
e. Umbhalo lona ube usuyiswa kumabhalane kumbe kulowo osebenza ngolimi oye agcine ibhuku lokuqopha imidanti/irejista lapho ezobhala khona ke yonke imidanti edingakalayo njengosuku owemukelwe ngalo umbhalo, inani lamakhasi, igama lomnyango oqhamuka kuwo kumbe elekhasimende, nanokuthi ubani ozokwenza umsebenzi wokuhumusha kumbe wokuhlela.
f. Umbhalo ube usuthathwa umgcini bhuku lemidanti/irejista ewudlulisela kulowo okufanele awusebenze, kanti uma uzokudluliselwa ngaphandle, uyiswa kumqondisi ukuze agunyaze ukuthi umbhalo udluliselwe ngaphandle g. Emveni kokuba kutholakale leso sigunyazo umbhalo uyiswa ehhovisi lokuphatha ukuze unikezwa inombolo efanelekile bese uthunyelwa kumhumushi wangaphandle, okuzobe sekwenziwe naye amalungiselelo phambilini njengokusephuzwini (d) ngenhla.
Osebenza ehhovisi lezokuphatha wenza amakhophi omsebenzi osuhunyushiwe bese ethumela eyodwa kukhasimende kanti enye iya kwingxenye lapho kugcinwa khona imisebenzi esiyenziwe, bese kubhekanwa nencwadi ecela inkokhelo yomhumushi ukuze alungiselwe okungokwakhe.
Ngokulandela lenqubo kungaphambukwa, umsebenzi wehhovisi lezilimi wenzeka ngendlela emnandi kabi ngoba inyathelo nenyathelo elihanjwe umbhalo liyaziwa ngoba liqoshiwe. Ukuhlala ngaso sonke isikhathi kuqashwe izikhathi ezehluka-hlukene okufuneka kube kuphele ngazo ukuhunyushwa kwemibhalo kuminyango eyevile ku 20 ngezilimi zonke ezisemthethweni kanye nezilimi ezehluka-hlukene zangaphandle kungumsebenzi ophithene, kodwa owenziwa lula uxhaso nosizo lwehhovisi lezilimi.
Phezu kwezinkinga eziningi eziba khona, amalungu ka-NLS azinikele ekukhiqizeni umsebenzi oseqophelweni eliphezulu. Kuvamile ukuthi basebenze isikhathi esingaphezulu kwaleso esejwayelekile noma ngabe bayacelwa ukuthi benze njalo noma ngabe kunesidingo sokuthi benze njalo. Amakhasimende aloluphiko bawathatha njengasona sizathu sobukhona behhovisi labo lezilimi. Njengoba lamakhasimende kungozakwethu nje empeleni, njengalo sonke sisebenzela uhulumeni, umsebenzi owenziwa u-NLS uyingxenye esemqoka kakhulu yenxanxathela ewuhide, uyingxenye yohlelo lokuxhumana phakathi kukahulumeni nezakha muzi zaseNingizimu Afrika.
